Noma engibulala, ngiyothembela kuye; kepha mina ngiyakumisa izindlela zami phambi kwakhe.
KwabaseGalathiya 6:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa yilowo lalowo kahlole owakhe umsebenzi, yikhona ezakuba lokuzibonga yena yedwa, hatshi ngomunye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye, IsiZulu 2020 Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, khona eyakuzincoma ngawo, angawuqhathanisi nowomunye. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa yilowo lalowo kahlole owakhe umsebenzi, yikhona ezakuba lokuzibonga yena yedwa, hatshi ngomunye. |
Noma engibulala, ngiyothembela kuye; kepha mina ngiyakumisa izindlela zami phambi kwakhe.
Oyisihlubuki enhliziyweni uyeneliswa zindlela zakhe, nomuntu omuhle uyeneliswa nguye.
UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: “Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.
Kepha otshalayo noniselayo bamunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomshikashika wakhe.
Ngokuba ukuthokoza kwethu yilokhu, ubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi ngobuqotho nangobuqotho bukaNkulunkulu, sihambe ngokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu, kakhulu kinina kakhulu.
Zihloleni nina ukuthi nisokholweni yini; zibonakaliseni nina. Anazi yini ngokwenu ukuthi uJesu Kristu ukinina, uma ningabakwaliwa na?
Ngoba labo abasokileyo kabawugcini umlayo; kodwa bafisa ukuthi nisokwe, ukuze bazincome enyameni yenu.