Wathi: “Uma ama-Aramu engihlula, uyakungisiza; kepha uma abantwana bakwa-Amoni benamandla kunawe, mina ngiyakukusiza.
KwabaseGalathiya 6:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Thwalisanani imithwalo yenu, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu. IsiZulu 2020 Thwalisanani imithwalo yenu, niwugcwalise kanjalo umthetho kaKhristu. Baasraak Zulu New Testament Bible Thwalisanani imithwalo yenu, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu. |
Wathi: “Uma ama-Aramu engihlula, uyakungisiza; kepha uma abantwana bakwa-Amoni benamandla kunawe, mina ngiyakukusiza.
Uma ubona imbongolo yenzondo yakho ilele phansi komthwalo wayo futhi ungafuni ukuyisiza, kumelwe uyisize ngempela.
Lokhu akusikho ukuzila engikukhethileyo na? ukuthukulula izibopho zobubi, ukuthukulula imithwalo esindayo, lokukhulula abacindezelweyo, lokuphula wonke amajogwe?
ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngoIsaya umprofethi ukuthi: Yena wathatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu.
Wathi: “Maye kinina zazimthetho! Ngokuba nithwesa abantu imithwalo enzima, kepha nina ngokwenu aniyithinti imithwalo nangomunye weminwe yenu.
Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.
Ngakho-ke thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka bababuthakathaka, singazithokozisi thina.
Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila kuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nokufa.
Kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho (ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kodwa ngiphansi komthetho kaKristu), ukuze ngizuze abangenamthetho.
Mina ngedwa ngingakuthwala kanjani ukuhlupheka kwenu nomthwalo wenu nokuxabana kwenu na?
Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibaxwayise abaxhwalayo, niduduze abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibekezelele abantu bonke.
Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe.
Khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengabazakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.
Uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo othi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle;
Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.
Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba bebengayazanga indlela yokulunga kunokuba sebeyazi bafulathele umyalo ongcwele abawunikwayo.
ukuze likhumbule amazwi akhulunywa ngaphambili ngabaprofethi abangcwele, lomlayo wethu thina baphostoli beNkosi loMsindisi;
Lomyalo sinawo uvela kuye, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.