Ngesikhathi esimisiwe kumelwe abuyele emuva futhi eze eningizimu; kodwa kakuyikuba njengokuqala kumbe okokugcina.
KwabaseGalathiya 4:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 kodwa iphansi kwabaphathi nababusi kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kodwa iphansi kwabaphathi nababonisi, kuze kube yisikhathi esamiswa nguyise ngaphambili. IsiZulu 2020 Iphansi komqaphi nomphathi, kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise phambilini. Baasraak Zulu New Testament Bible kodwa iphansi kwabaphathi nababusi kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise. |
Ngesikhathi esimisiwe kumelwe abuyele emuva futhi eze eningizimu; kodwa kakuyikuba njengokuqala kumbe okokugcina.
Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiwe, kepha ekugcineni uyakukhuluma, ungaqambi amanga; noma lilibala, lilinde; ngoba lizakuza lokufika, kalisoze liphele.
Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa.
Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.
Ngakho-ke umthetho waba ngumfundisi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa.
Kepha ngithi indlalifa iseyingane, kayahlukanga ngalutho encekwini, nakuba iyinkosi yakho konke;