Ngakho bahlala isikhathi eside bekhuluma ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, yabanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.
KwabaseGalathiya 3:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho yena oniphayo uMoya nowenza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? IsiZulu 2020 Ngabe oninika uMoya aveze imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza lokho ngenxa yemisebenzi yomthetho noma ngokuzwa izwi lokukholwa na? Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho yena oniphayo uMoya nowenza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? |
Ngakho bahlala isikhathi eside bekhuluma ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, yabanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.
ngezibonakaliso zamandla lezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu; kangangokuthi kusukela eJerusalema nangazungeza kuze kufike e-Iliriku ngishumayele ngokugcwele ivangeli likaKristu.
omunye ukwenza izimangaliso; komunye isiprofetho; omunye ukuhlukanisa imimoya; omunye izinhlobo zezilimi; omunye ukuhunyushwa kwezilimi.
(Ngokuba izikhali zempi yethu azisizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba;)
Impela izibonakaliso zomphostoli zenziwa phakathi kwenu ngokubekezela konke, ngezibonakaliso, nezimangaliso, nemisebenzi yamandla.
njengokuba nifuna ubufakazi bokuthi uKristu okhuluma kimi, ongebuthakathaka kini, kodwa unamandla kini.
Kepha opha imbewu kumhlanyeli okhonza isinkwa sokudla kwenu, andise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu;
Yilokhu kuphela engifuna ukukufunda kini: Namamukela uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?
Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungiphendulela kube yinsindiso ngokukhuleka kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,