Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KwabaseGalathiya 3:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangahlali kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho, ukuba bakwenze.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngokuba bonke abayeme emisebenzini yomthetho, baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangabambeleli, bakwenze konke njalo okulotshwe encwadini yomthetho.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangahlali kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho, ukuba bakwenze.

Uka jalj uñjjattʼäta



KwabaseGalathiya 3:10
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Manje usuqalekisiwe emhlabeni owavula umlomo wawo ukuba wamukele igazi lomfowenu esandleni sakho;


Ngalokho ngangcolisa izikhulu zendlu engcwele, ngamnikela uJakobe esiqalekisweni, no-Israyeli ehlazweni.


uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; Uqalekisiwe umuntu ongawalaleli amazwi alesi sivumelwano.


Bangena, balidla; kepha abalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho; abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele bonke lobu bubi phezu kwabo.


Bhekani, yonke imiphefumulo ingeyami; njengomphefumulo kayise, unjalo umphefumulo wendodana yami; umphefumulo owonayo kumelwe ufe.


Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;


Ngokuba umthetho uveza ulaka, ngokuba lapho okungekho umthetho khona, akukho ukweqa.


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.


Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu, ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi kungekwenzeki.


Kepha uma inkonzo yokufa, ilotshiwe, iqoshwe ematsheni, yayinenkazimulo, kangangokuthi abantwana bakwa-Israyeli babengenakububheka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe; okuyinkazimulo eyayizakuqedwa;


sisazi ukuthi umuntu kalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kodwangokholo lukaJesu Kristu, lathi sakholwa kuKristu Jesu, ukuze silungisiswe ngokukholwa kuKristu, njalo kungeyisikho ngemisebenzi yomlayo; ngoba ngemisebenzi yomthetho kakulanyama ezalungisiswa.


Uqalekisiwe ongawaqinisekisi onke amazwi alo mthetho ukuba awenze. Futhi bonke abantu kumelwe bathi: Amen!


UJehova akayikumhawukela, kepha lapho intukuthelo kaJehova nokushisekela kwakhe kuyakushunqa kulowo muntu, zibe phezu kwakhe zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi, uJehova alibize igama lakhe phansi kwezulu, azesule.