KwabaseGalathiya 2:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngathatha noThithu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngithatha noThithu futhi. IsiZulu 2020 Kwathi emva kweminyaka eli-14, ngabuye ngakhuphukela eJerusalema, ngihamba noBharnabha noThithu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngathatha noThithu. |
OBarnaba noSawulu babuya eJerusalema sebeqedile inkonzo yabo, bahamba noJohane othiwa uMarku.
Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu emsebenzini engibabizele wona.
Kodwa abaJuda bavusa abesifazane abakhonzayo nabahloniphekayo nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.
Basebembiza uBarnabasi ngokuthi nguJupitheri; loPawuli, uMerkuriyu, ngoba wayengumkhulumeli.
Kwaba kuhle kithi sibuthene nganhliziyonye, ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye labathandekayo bethu uBarnabasi loPawuli;
Angibanga nakuphumula emoyeni wami, ngokuba angimfumananga uThithu umzalwane wami;
Kodwa makabongwe uNkulunkulu ofake inkuthalo efanayo enhliziyweni kaThithu ngani.
Noma ngabe ubani obuza ngoThithu, ungumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kini; noma kubuzwa ngabazalwane bethu, bayizithunywa zamabandla nenkazimulo kaKristu.
Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uPetru, ngahlala naye izinsuku eziyishumi nanhlanu.
Nabanye abaJuda bazenzisa kanye naye; waze wathatheka noBarnabasi ngokuzenzisa kwabo.
Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.
Uyakhonza kini u-Aristarku isiboshwa kanye nami, noMarku indodana kadadewabo kaBarnaba, enayalwa ngaye; uma efika kini mamukeleni;
kuThithu, indodana yami uqobo ngokokholo esiluhlanganisile: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu uMsindisi wethu.