KwabaseGalathiya 1:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya; IBHAYIBHELI ELINGCWELE nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya: IsiZulu 2020 nabazalwane bonke abanami kuwo wonke amabandla aseGalathiya: Baasraak Zulu New Testament Bible Nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya; |
Esehlale khona isikhathi, wamuka, walidabula ngokulandelana izwe laseGalathiya nelaseFrigiya, eqinisa bonke abafundi.
Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.
Maqondana nokuqoqwa kweminikelo yabangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.
O nina baseGalathiya abayiziwula, ngubani oniloyile ukuba ningalaleli iqiniso enibekwe obala phambi kwamehlo enu uJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na?
Kepha niyabazi ubufakazi bakhe, ukuthi njengendodana kuyise ukhonzile kanye nami evangelini.
Khonzani kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu. Abazalwane abanami bayakhonza kini.