UJehova wathi kuDavide ubaba: ‘Kusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho;
KwabaseFilipi 4:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami osizini lwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami. IsiZulu 2020 Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami. Baasraak Zulu New Testament Bible Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami osizini lwami. |
UJehova wathi kuDavide ubaba: ‘Kusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho;
Kodwa uJehova wathi kubaba uDavida: Ngoba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela ibizo lami indlu, wenza okuhle ngoba kwakusenhliziyweni yakho.
Kubathokozisile impela; futhi banecala kubo. Ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, kungumsebenzi wabo nokubakhonza ezintweni zenyama.
njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami.
Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.
ukuba benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nokwaba, bahlanganyele nabanye;
Enxa nje senziwe into ebukelwayo kokubili ngesihlamba nangezinhlupheko; futhi inxenye, naningaba ngabangane abasetshenziswayo.
Ngokuba nazwelana nami ekuboshweni kwami, nakwamukela ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ngokwenu ninempahla engcono nemiyo.
Kepha ningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.
Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu.