Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa, awugodlanga imana lakho emlonyeni wabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.
KwabaseFilipi 4:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakwazi nokuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe kokubili ukusutha nokulamba, nokubusa nokuswela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela. IsiZulu 2020 Ngiyakwazi ukuntula, ngiyakwazi futhi nokubusa. Kukho konke nasezintweni zonke, ngiyifundisiwe imfihlakalo: ukusutha, ukulamba, ukubusa nokuntula. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyakwazi nokuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe kokubili ukusutha nokulamba, nokubusa nokuswela. |
Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa, awugodlanga imana lakho emlonyeni wabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.
Ngokuba uJehova wakhuluma kanje kimi ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:
Ngempela emva kokuphenduka ngaphenduka; kwathi sengiyaliwe, ngashaya inqulu; ngaba namahloni, yebo, namahloni, ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.
Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi; ngokuba ngimnene, ngithobekile ngenhliziyo; niyakufumana ukuphumula emiphefumulweni yenu.
Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala.
Mina-ke Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKristu, mina engithobekile nxa ngikhona phakathi kwenu, kepha nxa ngingekho nginesibindi ngani;
Ngokuba bathi, izincwadi zakhe zinesisindo, zinamandla; kodwa ukuba khona kwakhe ngomzimba ubuthakathaka, nokukhuluma kwakhe kudelelekile.
Ekukhandlekeni nasezinhlungwini, nasekulindeni kaningi, endlaleni nasekomeni, nasekuzileni ukudla kaningi, emakhazeni nasekuhambeni-ze.
Ngenza isono yini ngokuzithoba ukuze niphakanyiswe nina, ngokuba ngishumayele ivangeli likaNkulunkulu ngesihle na?
Nalapho ngikhona kini ngiswele, angibanga mthwalo kumuntu, ngokuba lokho engintulayo abazalwane abavela eMakedoniya bakuphathile; Ngiyazigcina.
Wamfumana ezweni eliyihlane nasehlane eliklabalasayo; wamyisa nxazonke, wamyala, wamlondoloza njengenhlamvu yeso lakhe.