Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KwabaseFilipi 3:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kodwa lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kepha lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKhristu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kodwa lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta



KwabaseFilipi 3:7
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Esebakhiphele phandle wathi: “Balekani ukuphila kwenu; ungabheki emva kwakho, ungahlali ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.


Kepha umkakhe wabheka emva kwakhe, waba yinsika kasawoti.


USathane wamphendula uJehova, wathi: Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.


Isihlengo sokuphila komuntu siyingcebo yakhe, kepha ompofu akalaleli ukusolwa.


Thenga iqiniso, ungalithengisi; nokuhlakanipha nesiyalo nokuqondisisa.


isikhathi sokuzuza nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokugcina nesikhathi sokulahla;


Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?


Yasilahla ingubo yayo, yasukuma, yeza kuJesu.


Uma umuntu eza kimi, engazondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe futhi, angebe ngumfundi wami.


Kanjalo-ke, noma ubani kini ongashiyi konke anakho, angebe ngumfundi wami.


Inkosi yamtusa umphathi ongalungile, ngokuba wenze ngokuhlakanipha; ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.


Sebesuthi, bawenza lula umkhumbi, baphonsa ukolweni olwandle.


wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.