KwabaseFilipi 3:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo, namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba bayizitha zesiphambano sikaKristu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu, IsiZulu 2020 Abaningi enganitshela ngabo ngiphindelela, kumanje ngisanitshela ngabo ngikhala izinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKhristu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo, namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba bayizitha zesiphambano sikaKristu; |
Ngokuba uJehova wakhuluma kanje kimi ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:
Kodwa uma ningakuzwa, umphefumulo wami uyokhala ekusithekeni ngenxa yokuzidla kwenu; iso lami liyokhala kamunyu, lehle izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.
O, ikhanda lami ngabe amanzi, namehlo ami abe ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhale imini nobusuku ngenxa yababuleweyo bendodakazi yabantu bakithi!
Futhi mina, Nebukhadinezari, ngidumisa futhi ngidumisa futhi ngidumisa iNkosi yezulu, yonke emisebenzi yayo iyiqiniso nezindlela zayo ziyahlulela; futhi Angathobisa labo abahamba ngokuzidla.
Uma umpristi ebona ukuthi utwayi lwandile esikhumbeni, umpristi kumelwe athi ungcolile; luchoko.
ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka kwengqondo, langezinyembezi ezinengi, lezilingo, engangehlelayo ngokuqamekela abaJuda;
Ngokuba intshumayelo yesiphambano kwababhubhayo iwubuwula; kodwa kithina esisindiswayo kungamandla kaNkulunkulu.
Anazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa: nazifebe, nabakhonza izithombe, naziphingi, nabesilisa abalalanayo, nabesilisa abalalanayo,
Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu.
Ngubani obuthakathaka, ngingabi buthakathaka nami? ngubani okhubekiswayo, mina ngingashi na?
Ngoba ekuhluphekeni okukhulu lobuhlungu benhliziyo ngalibhalela ngezinyembezi ezinengi; kungeyisikho ukuthi nidabuke, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo.
Okungesikho okunye; kepha bakhona abanihluphayo, befuna ukuphendukezela ivangeli likaKristu.
Kodwa kuthe ngibona ukuthi kabahambanga ngokuqondileyo njengokweqiniso levangeli, ngathi kuPetro phambi kwabo bonke: Uba wena ongumJuda uphila ngendlela yabezizwe, hatshi eyamaJuda, ubacindezela ngani abaJuda? AbeZizwe ukuba baphile njengamaJuda?
Angiwujabhi umusa kaNkulunkulu; ngokuba uma ukulunga kuvela ngomthetho, khona uKristu wafela ize.
umhawu, ukubulala, ukudakwa, ukuxokozela, nokunye okunjalo, enginitshela ngakho ngaphambili, njengalokho ngasho kini ngaphambili, ukuthi abenza okunjalo abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.
Kepha mangingazibonga mina, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi, nami ezweni.
Ngakho-ke lokhu ngiyakusho, ngifakaza eNkosini, ukuthi ningabe nisahamba njengabanye abezizwe ebuzeni bengqondo yabo;
njalo kukho konke ekukhulekeleni kwami ngenxa yenu lonke ngininxusela ngentokozo;
ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.
Ngokuba siyezwa ukuthi bakhona phakathi kwenu abahamba ngokungafanele, bengasebenzi nhlobo, kodwa begaya izibozi.
Kodwa ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokungcola, bedelela ukubusa. Bayagabadela, bazicabangela bona, abesabi nokukhuluma kabi ngezithunzi;
amagagasi olwandle abilayo, ekhihliza amahlazo awo; izinkanyezi ezidukayo, ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama kuze kube phakade.