Bheka umuntu opheleleyo, umbone oqotho, ngokuba isiphetho salowo muntu kungukuthula.
KwabaseFilipi 3:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bazalwane, yibani ngabalingisi bami kanyekanye, niqaphele abahamba kanjalo njengokuba ninesibonelo kithi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. IsiZulu 2020 Bazalwane, ngilingiseni, futhi nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. Baasraak Zulu New Testament Bible Bazalwane, yibani ngabalingisi bami kanyekanye, niqaphele abahamba kanjalo njengokuba ninesibonelo kithi. |
Bheka umuntu opheleleyo, umbone oqotho, ngokuba isiphetho salowo muntu kungukuthula.
Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nezikhubekiso bephambene nesifundiso enasifundiswa nina; futhi ubagweme.
Enikufundile, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
Nani naba ngabalingisi bethu nabeNkosi, selamukele izwi ekuhluphekeni okukhulu ngentokozo kaMoya oNgcwele;
Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni.
Ngokuba niyazi ngokwenu ukuthi kufanele nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu;
Kungeyisikho ukuthi silamandla, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini, ukuze lisilandele.
Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho; kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokholo, nangokuhlanzeka.
Khumbulani abaniholayo, abakhulume izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.
kungabi ngokuba amakhosi phezu kwefa likaNkulunkulu, kodwa nibe yizibonelo emhlambini.