Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi umbuso kaNkulunkulu uyashunyayelwa, wonke umuntu ufukamela kuwo.
KwabaseFilipi 3:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okuphezulu kukaNkulunkulu kuKristu Jesu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu. IsiZulu 2020 ngiphokophele emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu, nguNkulunkulu kuJesu Khristu. Baasraak Zulu New Testament Bible ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okuphezulu kukaNkulunkulu kuKristu Jesu. |
Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi umbuso kaNkulunkulu uyashunyayelwa, wonke umuntu ufukamela kuwo.
Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze nizuze.
Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi;
Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni.
Makungabikho muntu onikhohlisayo ngomvuzo wenu ngokuthobeka kokuzithandela nangokukhonza izingelosi, engena engakubonanga, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yenyama yakhe;
ukuze nihambe ngokufanele uNkulunkulu owanibizela embusweni nasenkazimulweni yakhe.
Owasisindisayo, wasibiza ngobizo olungcwele, kungeyisikho ngokwemisebenzi yethu, kodwa njengokwenhloso yakhe lomusa esiwuphiwa kuKristu Jesu ngaphambi kwezikhathi.
Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, eningabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini, cabangani ngomphostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu, uKristu Jesu;
Ngakho-ke masiyeke iziqondiso zesifundiso sikaKristu, siqhubekele ekupheleleni; singabeki futhi isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, lokukholwa kuNkulunkulu;
Ngakho-ke bophani izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nithembele kuze kube sekupheleni umusa ozolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu;
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu Jesu, senihluphekile isikhashana, uyakuniphelelisa, aniqinise, aniqinise, anisekele.
njengalokhu amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibizela enkazimulweni nasebuhleni.
Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.