Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kumuntu, enze inyama ibe yingalo yakhe, onhliziyo yakhe ifulathele uJehova.
KwabaseFilipi 2:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngiduduzeke, lapho sengikwazi okumayelana nani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu. IsiZulu 2020 Kepha ngethembela eNkosini uJesu ukuthi ngizothumela kini uThimothewu ngokushesha, ukuze nami ngigqugquzeleke nxa sengizwe izindaba ezivela kini. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngiduduzeke, lapho sengikwazi okumayelana nani. |
Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kumuntu, enze inyama ibe yingalo yakhe, onhliziyo yakhe ifulathele uJehova.
Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki.
Futhi futhi u-Isaya uthi: Kuyakuba khona impande kaJese, futhi oyakuvuka abuse phezu kwabezizwe; abezizwe bazathembela kuye.
Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosipatro, izihlobo zami.
Ngalokho ngithumele kini uThimothewu, oyindodana yami ethandekayo nethembekile eNkosini, oyakunikhumbuza izindlela zami ezikuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.
UPawulu noThimothewu, izinceku zikaJesu Kristu, kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni;
Ngakho-ke ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi, nxa senimbona futhi, nithokoze, nomunyu nami nginciphe.
sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu, nesisebenzi kanye nathi evangelini likaKristu, ukuze aniqinise, aniduduze ekukholweni kwenu;
Ngalokho kwathi ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngazi ukukholwa kwenu, funa mhlawumbe umlingi unilingile, umshikashika wethu ube yize.
Simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani, bazalwane, ngokufaneleyo, ngokuba ukholo lwenu lukhula kakhulu, nothando lwenu nonke ngabanye luyevama;
Ngenxa yalokhu lami ngihlupheka ngalezizinto, kodwa kangilanhloni, ngoba ngiyamazi engikholiweyo, njalo ngiqinisekile ukuthi ulamandla okulondoloza lokho engikubeke kuye kuze kufike lolosuku.
Ngokuba nifanele ukuthi: Uma iNkosi ithanda, siyakuphila, senze lokhu nalokhuya.
enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.