Ihubo likaDavide. UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.
KwabaseFilipi 2:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 lokuthi zonke izilimi zivume ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uBaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise. IsiZulu 2020 nezilimi zonke zivume ukuthi UJESU KHRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise. Baasraak Zulu New Testament Bible lokuthi zonke izilimi zivume ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uBaba. |
Ihubo likaDavide. UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.
Ezinsukwini zayo uJuda uyohlengwa no-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama lakhe ayobizwa ngalo: INKOSI UBULUNGISA BETHU.
Ngakho-ke lowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini.
Nokho nabaningi bababusi bakholwa kuye; kodwa ngenxa yabaFarisi kabavumanga, hlezi baxotshwe esinagogeni;
Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, nginigezile izinyawo; nani nifanele ukugezana izinyawo.
Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.
UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;
UJesu wakhuluma lokho, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana yakho ikukhazimulise wena;
ukuze bonke bahloniphe iNdodana, njengalokhu bedumisa uYise. Ongayihloniphi iNdodana akamhloniphi uYise oyithumileyo.
Abazali bakhe bakusho lokho, ngokuba besaba abaJuda, ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma umuntu ovuma ukuthi unguKristu, akhishwe esinagogeni.
Ilizwi uNkulunkulu alithumela kubantwana bakoIsrayeli, etshumayela ukuthula ngoJesu Kristu, yena oyiNkosi yabo bonke;
Ngakho-ke yonke indlu ka-Israyeli mayazi isibili, ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu yena lowo Jesu enambethela esiphambanweni.
Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Kuphila kwami,” isho iNkosi, “amadolo onke ayakuguqa phambi kwami, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.
Ngoba ngenxa yalokhu uKristu wafa, wabuye wavuka, waphila, ukuze abe yiNkosi yabafileyo nabaphilayo.
Lokuthi abezizwe badumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe; njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe, ngihubele igama lakho.
Ngakho ngiyanazisa ukuthi akakho okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu othi: “Uqalekisiwe uJesu;
Umuntu wokuqala uvela emhlabeni, ungowomhlaba; umuntu wesibili yiNkosi evela ezulwini.
Kepha kithina munye uNkulunkulu, uYise, okuvela kuye zonke izinto, nathi sikuye; neNkosi eyodwa uJesu Kristu, okungaye zonke izinto, nathi singaye.
enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.
Ovumayo ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.
Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: Bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu uzile enyameni bangabakaNkulunkulu;
Ngokuba abakhohlisi abaningi bangenile ezweni, abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile enyameni. Lo ungumkhohlisi nomphikukristu.
Onqobayo uyakwembathiswa izingubo ezimhlophe; futhi ngeke ngilesule igama lakhe encwadini yokuphila, kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.