Wamkhwelisa enqoleni yesibili ayenayo; bamemeza phambi kwakhe, bathi: Guqani, wambeka umbusi phezu kwelizwe lonke leGibhithe.
KwabaseFilipi 2:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 ukuze ebizweni likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba; IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba, IsiZulu 2020 ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo wonke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba Baasraak Zulu New Testament Bible ukuze ebizweni likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba; |
Wamkhwelisa enqoleni yesibili ayenayo; bamemeza phambi kwakhe, bathi: Guqani, wambeka umbusi phezu kwelizwe lonke leGibhithe.
Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu; kanjalo iNdodana yomuntu iyakuba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
Eluluka umqhele wameva, awubeka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, amklolodela, athi: “Bayede, Nkosi yamaJuda!
UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.
Kodwa ithini impendulo kaNkulunkulu kuye? Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga kuBhali.
ukuze ekuhleleni kokuphelela kwezikhathi abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, ezisezulwini nezisemhlabeni; nakuye:
(Manje lokhu ukuthi wenyuka, kuyini, ngaphandle kokuthi wehlela ezindaweni eziphansi zomhlaba na?
Futhi lapho eseletha olizibulo emhlabeni, uthi: Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.
Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo; nokufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.
Amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwalowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, ephonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:
Kwakungekho-muntu ezulwini, nasemhlabeni, naphansi komhlaba, owayenamandla okuyivula incwadi, nokubheka kuyo.