KwabaseFilipi 1:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 ningethuswe ngalutho ngabamelene nani, okuwuphawu lokubhubha kubo, kodwa kinina lwensindiso, nolukaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ningethuswa ngalutho ngabamelene nani, okuyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu; lokhu-ke kuvela kuNkulunkulu. IsiZulu 2020 Maningethuswa ngalutho yilabo abamelene nani, okuyisiboniso kubo sokubhubha kwabo, kodwa nina niyakusindiswa; lokhu impela kuvela kuNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible ningethuswe ngalutho ngabamelene nani, okuwuphawu lokubhubha kubo, kodwa kinina lwensindiso, nolukaNkulunkulu. |
Oletha udumo uyangidumisa; nakulowo oqondisa ukuhamba kwakhe, ngiyakumazisa insindiso kaNkulunkulu.
Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakwethemba, ngingesabi, ngokuba iNkosi uJehova ingamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso yami.
Mina nginguye oniduduzayo: ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe njengotshani;
Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; Ningakwesabi ukuthukwa kwabantu, ningesabi ukuthuka kwabo.
Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
Njalo nxa esefikile yena, uzalaya ilizwe ngesono, langokulunga, langokwahlulela;
Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi usindiso lukaNkulunkulu luthunyelwa kwabezizwe, futhi bayakuzwa.
Njalo uba singabantwana, siyizindlalifa; izindlalifa zikaNkulunkulu, lezindlalifa kanye loKristu; uma kambe sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.
Kodwa lanxa sasihluphekile ngaphambili saphathwa kubi, njengoba lisazi eFiliphi, saba lesibindi kuNkulunkulu wethu sokukhuluma kini ivangeli likaNkulunkulu ngokuphikisana okukhulu.
Ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani.
Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.