UDavida wasesithi kuGadi: Ngisosizini olukhulu; masiwele esandleni sikaJehova; ngokuba umusa wakhe mkhulu, mangingaweli esandleni somuntu.
KwabaseFilipi 1:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu; IsiZulu 2020 Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu; Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu: |
UDavida wasesithi kuGadi: Ngisosizini olukhulu; masiwele esandleni sikaJehova; ngokuba umusa wakhe mkhulu, mangingaweli esandleni somuntu.
Mina-ke, ngizabubona ubuso bakho ekulungeni; Ngiyokwaneliswa ekuvukeni kwami, ngomfanekiso wakho.
Kodwa uNkulunkulu uzakhulula umphefumulo wami emandleni eHayidesi, ngoba yena uzangamukela. Sela.
Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; futhi yeka indlela engicindezelekile ngayo kuze kufezeke!
Kodwa indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamncenga ukuthi abe laye; kodwa uJesu wayimukisa, esithi.
Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.
Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.
Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani.
Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.
Bamkhanda ngamatshe uStefanu, ebiza uNkulunkulu, ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.
Ngalokho nathi siyambonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu elisebenzayo ngokweqiniso. Nakini enikholwayo.
Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi kimi: Loba: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela manje. Yebo, usho uMoya, ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; nemisebenzi yabo iyabalandela.