Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.
KwabaseFilipi 1:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Pho? Nokho uKristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngeqiniso; futhi ngiyathokoza ngakho, yebo, futhi ngiyojabula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kunani pho? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngesiminya; kulokho-ke ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza, IsiZulu 2020 Pho kunani na? UKhristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, kungaba ngokuzenzisa noma ngokweqiniso. Kukho konke lokho mina ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza. Baasraak Zulu New Testament Bible Pho? Nokho uKristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngeqiniso; futhi ngiyathokoza ngakho, yebo, futhi ngiyojabula. |
Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.
Abadla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa benza imithandazo emide; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.
Kodwa kabaliqondanga lelilizwi, njalo lalifihlakele kubo, ukuze bangaliqondi; basebesesaba ukumbuza ngalelolizwi.
Pho? thina singcono kunabo na? Qha, nakanye; ngokuba sesiwabonisile ngaphambili amaJuda nabezizwe ukuthi bonke baphansi kwesono;
Kuyini pho? Siyakona yini, ngokuba singephansi komthetho kepha phansi komusa na? UNkulunkulu akakuvumeli.
Ngithini-ke? ukuthi isithombe siyinto, noma lokho okuhlatshelwe izithombe kuyizinto na?
Kuyini pho? ngiyakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi, ngihube ngomoya, ngihube nangengqondo futhi.
Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungiphendulela kube yinsindiso ngokukhuleka kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,