Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KwabaseFilipi 1:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

Laba batshumayela uKristu ngombango, kungeyisikho ngobuqotho, bethi bangongeza usizi ezibopho zami;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Abanye bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Laba batshumayela uKristu ngombango, kungeyisikho ngobuqotho, bethi bangongeza usizi ezibopho zami;

Uka jalj uñjjattʼäta



KwabaseFilipi 1:16
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nami bengiyakukhuluma njengani; uma umphefumulo wenu ubusendaweni yomphefumulo wami, bengiyakuqoqa amazwi ngani, nginikine ikhanda lami kini.


Kulowo ohluphekayo, ububele bumelwe kuboniswa kumngane wakhe; kodwa uyakulahla ukumesaba uSomandla.


Ngokuba bayamzingela oshaywe nguwe; futhi bakhuluma ngosizi lwalabo obalimazayo.


Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela, nginomvuzo;


Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu, kepha njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu phambi kukaNkulunkulu sikhuluma sikuKristu.


ukuze nivume izinto ezinhle kakhulu; ukuze nibe msulwa, ningabi nacala, kuze kufike usuku lukaKristu;


Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi okwenzeka kimi kwaphumela ekuqhubekiseleni phambili ivangeli;


Ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje;


njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami.


Kepha niyabazi ubufakazi bakhe, ukuthi njengendodana kuyise ukhonzile kanye nami evangelini.


Nani-ke nina baseFilipi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ekusukeni kwami eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa.


Ngiyakuncenga-ke nawe sithandwa sami esiqotho, ukuthi usize labo besifazane abashikashikeka kanye nami evangelini, kanye noKlemente, nezinye izisebenzi kanye nami, abamagama abo asencwadini yokuphila.