Wakha izingalo ezingamashumi amabili ezinhlangothini zendlu ngamapulangwe emisedari kusukela phansi kuze kufike odongeni; futhi walakhela yona ngaphakathi, yendlu engaphakathi, yebo, iNgcwelengcwele.
KumaHeberu 9:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwesihenqo sesibili kwakukhona itabernakele elithiwa iNgcwelengcwele; IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngasemva kwesihenqo sesibili kwakukhona itabernakele* elithiwa elingcwelengcwele, IsiZulu 2020 Emva kwesihenqo sesibili kwakukhona ithabanakeli okuthiwa ngelingcwelengcwele. Baasraak Zulu New Testament Bible Emva kwesihenqo sesibili kwakukhona itabernakele elithiwa iNgcwelengcwele; |
Wakha izingalo ezingamashumi amabili ezinhlangothini zendlu ngamapulangwe emisedari kusukela phansi kuze kufike odongeni; futhi walakhela yona ngaphakathi, yendlu engaphakathi, yebo, iNgcwelengcwele.
Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo endlini engaphakathi yendlu, eNgcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.
Wenza iveli ngokuyibubende, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo kakhulu, wenza phezu kwalo amakherubi.
Wawungenisa umphongolo etabernakele, waxhoma isilenge, wasibekela umphongolo wobufakazi; njengalokho uJehova emyalile uMose.
Futhi uyakuchitha kule ntaba isihenqo esigundiswe phezu kwabantu bonke, nesihenqo esigutshuzelwe phezu kwezizwe zonke.
Yalinganisa ubude bayo: yizingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi babuyizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli; wathi kimi: Le yindawo eNgcwelengcwele.
Lapho ikamu lisuka, u-Aroni namadodana akhe kumelwe beze, bakhumule isembozo bamboze umphongolo wobufakazi ngaso.
Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;
ithemba esilalo njengehange lomphefumulo, liqinisekile, liqinile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo;
Kodwa kweyesibili umpristi omkhulu yedwa kungena kanye ngomnyaka, kungeyisikho ngaphandle kwegazi, azinikela ngenxa yakhe langenxa yeziphambeko zabantu.
UMoya oNgcwele efakaza lokhu, ukuthi indlela eya endaweni engcwele yayingakabonakali, itabernakele lokuqala lisamile;