UKristu ubengafanele yini ukuba ahlupheke ngalezizinto, aze angene enkazimulweni yakhe?
KumaHeberu 9:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yezinto ezisezulwini ihlanzwe ngalokho; kodwa okusezulwini ngokwako kunemihlatshelo engcono kunale. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njalo-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe ngalokho, kepha okusezulwini uqobo lwakho kuhlanzwe ngeminikelo emihle kunalena. IsiZulu 2020 Ngakho-ke kudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe kanjalo, kodwa okusezulwini kufanele kuhlanzwe ngeminikelo engcono kunalena. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yezinto ezisezulwini ihlanzwe ngalokho; kodwa okusezulwini ngokwako kunemihlatshelo engcono kunale. |
UKristu ubengafanele yini ukuba ahlupheke ngalezizinto, aze angene enkazimulweni yakhe?
Wathi kubo: Kulotshiwe kanje, lokuthi uKhristu umelwe ukuhlupheka, njalo avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu.
Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani.
Ngakho-ke nina kanye nomphakathi bonisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini kusasa ngokungathi nifuna ukuhlolisisa kahle okumayelana naye;
Ngokuba umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo.
abakhonza isibonelo nethunzi lezinto zasezulwini, njengalokho uMose eyalwa nguNkulunkulu esezakwenza itabernakele, ngokuba wathi: “Bheka ukuba wenze zonke izinto ngokomfanekiso owaboniswa wona entabeni.
Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?
Ngoba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso weyeqiniso; kodwa ungene ezulwini uqobo, ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.
Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;