Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nenkazimulo, nokunqoba, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; umbuso ungowakho, Jehova, futhi uphakeme uyinhloko phezu kwakho konke.
KumaHeberu 8:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nansi-ke ingqikithi yalokhu esesikushilo: Sinompristi omkhulu onjalo ohlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, IsiZulu 2020 Umongo walokhu esinitshela khona yilo: sinomphristi omkhulu onjalo, osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, Baasraak Zulu New Testament Bible Nansi-ke ingqikithi yalokhu esesikushilo: Sinompristi omkhulu onjalo ohlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini; |
Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nenkazimulo, nokunqoba, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; umbuso ungowakho, Jehova, futhi uphakeme uyinhloko phezu kwakho konke.
Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu kakhulu; wembethe udumo nobukhosi.
Ihubo likaDavide. UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.
ukuze babazise abantwana babantu izenzo zakhe zamandla nobukhosi benkazimulo yombuso wakhe.
Bayakuphakamisa izwi labo, bahlabelele ngobukhosi bukaJehova, bamemeze ngokuzwakalayo beselwandle.
Uyakuma, aklabe ngamandla kaJehova, ngobukhosi begama likaJehova uNkulunkulu wakhe; futhi bayohlala, ngoba manje uyakuba mkhulu kuze kube semikhawulweni yomhlaba.
Khona emva kokuba iNkosi isikhulumile kubo, yenyuselwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
engiyinxusa lazo eziboshweni, ukuze ngikhulume ngesibindi kulo, njengokuba ngifanele ukukhuluma.
Ngakho-ke uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ehlezi khona uKristu ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
Kodwa yiyiphi yezingilosi ake atsho kuyo ukuthi: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho?
Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;
Kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono phakade, wahlala phansi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;
sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
Ngakho kwamfanela ukuthi afane labafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu olesihawu lothembekileyo ezintweni ezimayelana loNkulunkulu, ukuze enze inhlawulo yokuthula ngezono zabantu.
Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, eningabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini, cabangani ngomphostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu, uKristu Jesu;
Ngakho lokhu silompristi omkhulu odabule emazulwini, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambe isivumo sethu.
Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.