Isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uhlala phakade; usho kanjani ukuthi: INdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? ingubani le Ndodana yomuntu na?
KumaHeberu 7:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha yena, ngokuba ehlala phakade unobupristi obungenakuguquleka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha yena, ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka; IsiZulu 2020 kodwa uJesu Yena, ngenxa yokuthi uphila ingunaphakade, unobuphristi obungenakuguquka. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha yena, ngokuba ehlala phakade unobupristi obungenakuguquleka. |
Isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uhlala phakade; usho kanjani ukuthi: INdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? ingubani le Ndodana yomuntu na?
sisazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo kasafi; ukufa akusabusi phezu kwakhe.
abangababo obaba, avela kubo uKristu ngokwenyama, uNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.
Ngokuba umthetho umisa abantu abanobuthakathaka babe ngabapristi abakhulu; kepha izwi lesifungo, elalandela umthetho, limisa iNdodana engcwele kuze kube phakade.
Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.
Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinile; futhi uyohamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.