Kube yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuba kungasondeli owezizwe ongesiye owenzalo ka-Aroni ukunikela impepho phambi kukaJehova; ukuze angabi njengoKora nanjengesixuku sakhe, njengalokho uJehova eshilo kuye ngesandla sikaMose.
KumaHeberu 7:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba lowo okukhulunywa ngaye lokho ungowesinye isizwe, okungekho muntu kuso owake wakhonza e-altare. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha lowo okushiwo lokho ngaye ungowesinye isizwe okungabanga bikho kuso umuntu owake wakhonza e-altare. IsiZulu 2020 Ngoba lowo okushiwo ngaye lokho, ungowesinye isizwe okungakaze kube khona muntu kuso owake wakhonza e-althare. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba lowo okukhulunywa ngaye lokho ungowesinye isizwe, okungekho muntu kuso owake wakhonza e-altare. |
Kube yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuba kungasondeli owezizwe ongesiye owenzalo ka-Aroni ukunikela impepho phambi kukaJehova; ukuze angabi njengoKora nanjengesixuku sakhe, njengalokho uJehova eshilo kuye ngesandla sikaMose.
Futhi kuyokwenzeka ukuthi udondolo lomuntu engiyomkhetha luyoqhakaza; ngizakwenza ukuthi kimi ukukhonona kwabantwana bakoIsrayeli abakhonona ngakho ngani.
Ngakho-ke uma ukuphelela kwakukhona ngobupristi bukaLevi, ngokuba abantu bawemukela umthetho ngaphansi kwabo, kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokokuma kukaMelkisedeki, angabizwa ngokokuma ka-Aroni na?
Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu yavela kwaJuda; isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.