KumaHeberu 6:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ethi: Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngokwandisa ngiyakukwandisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngiyakukwandisa nokukwandisa,” IsiZulu 2020 wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngikwandise nokukwandisa.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ethi: Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngokwandisa ngiyakukwandisa. |
Wathi: “Ngizifungile mina, usho uJehova, ngokuba wenze lokho, ungagodlanga nendodana yakho eyodwa yakho;
Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;
Futhi yathi kimi: Bheka, ngizokwenza uzale futhi ngikwandise, futhi ngizokwenza ube uquqaba lwezizwe; leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho emva kwakho libe yifa kuze kube phakade.
Wandisa abantwana babo baba ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owathembisa ngalo oyise ukuthi bayakungena ukulidla.
Cabanga ngezinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, owazifunga kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngininike lonke leli zwe engakhuluma ngalo inzalo. Bayakulidla ifa kuze kube phakade.
Ngokuba uma ifa lingokomthetho, alikho ngesithembiso, kepha uNkulunkulu walinika u-Abrahama ngesithembiso.
UJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.
Bhekani, ngiyakwethula izwe kini; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.
ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.