KumaHeberu 6:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba lapho uNkulunkulu ethembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba lapho uNkulunkulu wamthembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga, IsiZulu 2020 Ngokuba ngesikhathi uNkulunkulu ethembisa u-Abhrahama, wazifunga Yena uqobo, ngokuba wayengekho omkhulu kunaye ayengamfunga, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba lapho uNkulunkulu ethembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga; |
Cabanga ngezinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, owazifunga kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngininike lonke leli zwe engakhuluma ngalo inzalo. Bayakulidla ifa kuze kube phakade.
Ngizifungile mina, izwi liphumile emlonyeni wami ngokulunga, aliyikubuya, ukuthi kimi amadolo onke ayakuguqa, nezilimi zonke ziyakufunga.
Kepha uma ningawezwa lawa mazwi, ngiyazifunga mina, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yihlane.
Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: ‘Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu,’ usho uJehova, ‘ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: “Kuphila kukaJehova.”
Ngokuba ngizifungile mina, usho uJehova, ukuthi iBhozira liyakuba yincithakalo, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso; yonke imizi yakhe iyakuba yincithakalo kuze kube phakade.
Ngiyakunquma zonke izifuyo zakhe ngasemanzini amakhulu; unyawo lomuntu alusayikubavimba, nezinzipho zezinkomo azisayikubahlupha.
Uzafakazela iqiniso kuJakobe lakuAbrahama umusa owathembisa okhokho bethu ngesifungo kusukela ezinsukwini.
Bazalwane, ngikhuluma ngokwabantu; Noma kuyisivumelwano somuntu, nokho siqinisekiswa, akakho ongasichithayo nonganezela kuso.
Ngokuba uma ifa lingokomthetho, alikho ngesithembiso, kepha uNkulunkulu walinika u-Abrahama ngesithembiso.
Bhekani, ngiyakwethula izwe kini; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.