Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.
KumaHeberu 2:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba kokubili ongcwelisayo lalabo abangcweliswayo bonke bavela oyedwa; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu, IsiZulu 2020 Ngokuba ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo bonke bavela koyedwa. Yingakho engenamahloni okubabiza ngokuthi ngabafowethu, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba kokubili ongcwelisayo lalabo abangcweliswayo bonke bavela oyedwa; |
Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.
UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani nitshele abafowethu ukuthi baye eGalile, futhi bayakungibona khona.
Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esifebayo nesonayo; nayo iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.
Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami, iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo yayo, nekaYise, neyezingelosi ezingcwele.
ukuze bonke babe munye; njengalokhu wena, Baba, ukimi, nami ngikuwe, ukuze nabo babe munye kithi, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.
UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.
Wazenza izizwe zonke ngegazi linye ukuba zihlale ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezimisiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo;
Ngokuba kuye siphila, siyanyakaza, sikhona; njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo ukuthi: Ngokuba nathi siyinzalo yakhe.
Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili bafane nomfanekiso weNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi.
Kodwa kwathi ukuphelela kwesikhathi sekufikile, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazana, yazalwa ngaphansi komthetho.
Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.
Ngakho-ke noJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.
Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;
Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, eningabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini, cabangani ngomphostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu, uKristu Jesu;