KumaHeberu 13:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha ningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo. IsiZulu 2020 Ningakhohlwa ukwenza okuhle nokwabelana, ngokuba uNkulunkulu uyathokoza ngeminikelo enjalo. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha ningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo. |
Khona-ke uyoyijabulela iminikelo yokulunga, umnikelo wokushiswa nomnikelo wokushiswa ophelele; khona-ke kumelwe banikele ngezinkunzi e-altare lakho.
UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into eyodwa; thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.
Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.
EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa;
Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makakhuthale, asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.
Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.
Qaphelani ukuthi kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kodwa landelani njalo okuhle phakathi kwenu lakubo bonke abantu.
ukuba benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nokwaba, bahlanganyele nabanye;
ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nempumelelo ekwazini konke okuhle okukini kuKristu Jesu.
Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.
Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.