KumaHeberu 12:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba niyazi ukuthi ngasemuva esethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akafumananga indawo yokuphenduka, nakuba ekufunisisa ngezinyembezi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba niyazi ukuthi, nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka, noma ekufunisisa ngezinyembezi. IsiZulu 2020 Niyazi ukuthi kamuva esethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, akabe esalithola ithuba lokuphenduka, nakuba esekufunisisa ngezinyembezi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba niyazi ukuthi ngasemuva esethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akafumananga indawo yokuphenduka, nakuba ekufunisisa ngezinyembezi. |
Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.
Kepha uma uthela ameva namakhakhasi, uyaliwa, useduze nokuqalekiswa; okuphela kwawo kungukushiswa.
ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.