KumaHeberu 11:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile. IsiZulu 2020 Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe; |
INkosi yasisithi kuye: Ngakho loba ngubani obulala uKhayini uzaphindiselwa kasikhombisa. UJehova wabeka uphawu kuKayini, ukuze kungabikho muntu omfumanayo angambulala.
U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uSeti. Ngokuba uNkulunkulu, wathi, ungimisele enye inzalo esikhundleni sika-Abela owabulala uKhayini.
UKayini wakhuluma no-Abela umfowabo; kwathi besendle, uKayini wavukela umfowabo u-Abela, wambulala.
Khona-ke umlilo kaJehova wehla waqeda umnikelo wokushiswa nezinkuni namatshe nothuli wakhotha namanzi ayesemseleni.
Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.
Umhlatshelo wababi uyisinengiso; kakhulu kangakanani uma eletha ngomqondo omubi?
Kwaphuma umlilo phambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; kwathi bonke abantu bekubona, bakhala, bawa ngobuso.
ukuze kwehlele phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kufike egazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.
Kusukela egazini lika-Abela kuze kufike egazini likaZakariya owafela phakathi kwe-altare nethempeli. Ngiqinisile ngithi kini: Liyakubizwa kulesi sizukulwane.
Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu; kodwa bayamphika ngemisebenzi, benengekayo, nabangalaleliyo, nakuyo yonke imisebenzi emihle bengaboshiwe.
Ngakho-ke nathi njengoba sizungezwe ifu elingaka lawofakazi, masilahle konke okusindayo nesono esisithandela kalula, futhi masiwugijime ngokubekezela umncintiswano obekwe phambi kwethu,
nakuJesu umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafazwa, elikhuluma okuhle kunelika-Abela.
Ngokuba wonke umpristi omkhulu othathwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;
Ngomthetho cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi; futhi ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.
(Ngokuba lowo olungileyo ehlezi phakathi kwabo, ngokubona nangokuzwa, imihla ngemihla wawuhlupha umphefumulo wakhe olungileyo ngemisebenzi yabo engafanele;)
Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.