U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanko inqama ibanjwe emva kwakhe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo ibe ngumnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.
KumaHeberu 11:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ethi uNkulunkulu unamandla okumvusa nakwabafileyo; lapho laye wamamukela khona ngomfanekiso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ethi uNkulunkulu unamandla okuvusa nakwabafileyo; ngokulinganisa wabuye wamthola futhi evela khona. IsiZulu 2020 wabona ukuthi uNkulunkulu unamandla okuvusa kwabafileyo; ngokungathekisa singathi wabuye wayithola indodana yakhe kungathi ivela kwabafileyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ethi uNkulunkulu unamandla okumvusa nakwabafileyo; lapho laye wamamukela khona ngomfanekiso. |
U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanko inqama ibanjwe emva kwakhe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo ibe ngumnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.
Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.
Esengene endlini, izimpumputhe zeza kuye; uJesu wathi kuzo: “Niyakholwa ukuthi ngingakwenza lokhu na? Basebesithi kuye: Yebo, Nkosi.
Nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kuze kufike kuMose, ngisho naphezu kwalabo abangonanga njengesiphambeko sika-Adamu, ongumfanekiso walowo owayezakuza.
Kuye yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikucabangayo ngokwamandla asebenza kithi.
Ngoba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso weyeqiniso; kodwa ungene ezulwini uqobo, ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.
okwakuwumfanekiso walesi sikhathi esikhona, lapho kwanikelwa khona izipho nemihlatshelo, okungekwenze lowo owenza inkonzo aphelele ngokukanembeza;