Wamzalela indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu, ngokuba wathi: “Ngangingowezizwe ezweni labezizwe.”
KumaHeberu 11:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba abasho izinto ezinjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba abasho kanjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe lakubo. IsiZulu 2020 Ngokuba abasho kanjalo, babonakalisa ngokusobala ukuthi bafuna izwe lakubo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba abasho izinto ezinjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe. |
Wamzalela indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu, ngokuba wathi: “Ngangingowezizwe ezweni labezizwe.”
Thina singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo, ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana; kodwa okungabonwayo kungokwaphakade.
Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu:
Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.
Futhi ngempela, uma babekhumbula izwe ababephuma kulo, babeyoba nethuba lokubuyela emuva.
Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.