Khona-ke izithunywa zesizwe ziyoziphendula zithini? Ukuthi uJehova umisile iSiyoni, futhi abampofu babantu bakhe bayothembela kulo.
KumaHeberu 11:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. IsiZulu 2020 ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omdwebimumo nomakhi wawo kunguNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. |
Khona-ke izithunywa zesizwe ziyoziphendula zithini? Ukuthi uJehova umisile iSiyoni, futhi abampofu babantu bakhe bayothembela kulo.
Emzini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela. Ngiya ukunilungisela indawo.
Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.
Ngokuba indaba yethu isezulwini; lapho futhi silindele khona uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.
Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.
Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.
Ngakho-ke njengoba semukela umbuso ongenakuzanyazanyiswa, masibe nomusa esingakhonza ngawo uNkulunkulu ngokwamukelekayo ngokuhlonipha nokwesaba uNkulunkulu.
Ngokuba yileyo naleyondlu yakhiwa ngumuntu; kodwa owakha izinto zonke nguNkulunkulu.
Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.