Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
KumaHeberu 10:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngithi: Bheka, ngiyeza (emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami) ukwenza intando yakho, Nkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza – emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami – ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.’ ” IsiZulu 2020 Ngase ngithi: ‘Manje ngiyeza. Kulotshiwe ngami emqulwini wencwadi, ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.’ ” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngase ngithi: Bheka, ngiyeza (emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami) ukwenza intando yakho, Nkulunkulu. |
Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
Kwatholakala e-Akimetha esigodlweni esisesifundeni samaMede umqulu, nombhalo wemilando owawulotshwe kanje:
INkosi uJehova yavula indlebe yami, futhi angizange ngihlubuke futhi angizange ngibuyele emuva.
Zithathele umqulu, ulobe kuwo wonke amazwi engawakhuluma kuwe ngo-Israyeli, ngoJuda, nangokumelene nazo zonke izizwe, kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe, kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube manje usuku.
Ngathi ngibona, khangela-ke, isandla sathunyelwa kimi; bheka, kwakukhona umqulu kuwo;
Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, dla okutholayo; yidla lo mqulu, uhambe ukhulume nendlu ka-Israyeli.
UJesu wathi kubo: Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngiqede umsebenzi wakhe.
Mina ngingenze lutho ngokwami; ngoba kangifuni intando yami, kodwa intando kaBaba ongithumileyo.
Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.