Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.
KumaHeberu 10:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko, IsiZulu 2020 Kepha khumbulani izinsuku esezadlula, okwathi senikhanyisiwe, nabhekana nobunzima obukhulu bezinhlupheko. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko; |
Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.
Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.
Nokho, lapho esesifinyelele khona, masihambe ngawo lowo mthetho, sicabange ngendlela efanayo.
Ngokuba ngithanda ukuba nazi ukuthi kungakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu, nangenxa yabaseLawodikeya, nabo bonke abangabubonanga ubuso bami enyameni;
Ngokuba nakuba benifanele ukuba ngabafundisi, kuze kube manje, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zamazwi kaNkulunkulu; seniba njengabadinga ubisi, hhayi okokudla okuqinileyo.
Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.
Ngokuba akunakwenzeka ngalabo asebake bakhanyiswa, banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele,
Ziqapheleni ukuthi singalahlekelwa yizinto esizisebenzileyo, kodwa ukuze samukele umvuzo opheleleyo.
Ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilususe uthi lwesibane sakho endaweni yalo, ngaphandle kokuthi uphenduke.
Ngakho khumbula ukuthi wamukele wezwa njani, ubambelele, uphenduke. Ngakho uma ungalindi, ngizakuza kuwe njengesela, njalo kawusoze walazi ihola engizakuza ngalo phezu kwakho.