Uyakubenza babe njengesithando somlilo ngesikhathi solaka lwakho; uJehova uyobashwabadela ngolaka lwakhe, futhi umlilo uyobaqeda.
KumaHeberu 10:27 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa lomlilo ovuthayo ozaqeda izitha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani. IsiZulu 2020 kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozakungqongqisa amaphikankani. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa lomlilo ovuthayo ozaqeda izitha. |
Uyakubenza babe njengesithando somlilo ngesikhathi solaka lwakho; uJehova uyobashwabadela ngolaka lwakhe, futhi umlilo uyobaqeda.
Nkosi, uma isandla sakho siphakeme, abayikukubona; yebo, umlilo wezitha zakho uyakuziqeda.
Izoni eZiyoni ziyesaba; ukwesaba kwabamangaza abazenzisi. Ngubani phakathi kwethu ozohlala emlilweni oqothulayo? ngubani phakathi kwethu oyohlala emlilweni ophakade na?
Zisokeleni kuJehova, nisuse ijwabu lezinhliziyo zenu, madoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo, luvuthe kungekho ongawucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.
“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Ngikhulumile ngomlilo womhawu wami ngokumelene nensali yabezizwe ne-Idumiya yonke ababeka izwe lami efa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke ngonya ukuze balixoshe njengempango.
Ngokuba ngomhawu wami nangomlilo wentukuthelo yami ngakhuluma ngathi: Impela ngalolo suku kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu ezweni lakwa-Israyeli;
Khona-ke ubuso benkosi bashintsha, futhi imicabango yayo yamethusa, kwaze kwaxebuka amalunga ezinkalweni zayo namadolo ayo ashayana.
Izintaba zase-Aveni, isono sika-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva nekhakhasi kuyakumila phezu kwama-altare abo; bayakuthi ezintabeni: Sisibekeleni; nakumagquma: Welani phezu kwethu.
Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi nomlilo nezinsika zomusi.
UNkulunkulu unomona, uJehova uyaphindisela; uJehova uyaphindisela, unolaka; uJehova uyaphindisela kwabamelene naye, azigcinele izitha zakhe ulaka.
Isiliva labo negolide labo ngeke libe namandla okubasindisa ngosuku lolaka lweNkosi; kodwa umhlaba wonke uzaqedwa ngomlilo womhawu wakhe;
Ngalokho ngilindeleni, usho uJehova, kuze kufike usuku engiyakuvuka ngalo ukuphanga; ngoba injongo yami iwukuqoqa izizwe, ukuze ngibuthe imibuso, ukuze ngithulule ulaka lwami phezu kwazo, yebo, lonke ulaka lwami oluvuthayo. Ngoba umhlaba wonke uzaqedwa ngomlilo womhawu wami.
Ngokuba bhekani, luyeza usuku oluvutha njengeziko; bonke abazidlayo, nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi;
Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.
zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.
zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.
Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;
Kalokhu izembe selibekiwe empandeni yemithi, ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyagawulwa, iphonswe emlilweni.
olwelo lwakhe lusesandleni sakhe, aze ahlanze isibuya sakhe, abuthele ukolweni wakhe enqolobaneni; kepha amakhoba uyakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.
Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukusihlupha singakafiki isikhathi?
Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami; ngoba ngiyahlushwa kulelilangabi.
Kodwa lezozitha zami ezazingathandanga ukuthi ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, lizibulale phambi kwami.
Izinhliziyo zabantu ziphela amandla ngokwesaba nangokubheka izinto ezizayo emhlabeni, ngokuba amandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.
Khona bayakuqala ukuthi ezintabeni: Welani phezu kwethu; nasezintabeni: Sisibekele.
Futhi lizaphuma; abenze okuhle baphumele ekuvukeni kokuphila; lalabo abenze okubi, ekuvukeni kokulahlwa.
Jabulani, O zizwe, kanye nabantu bakhe, ngokuba uyophindisela igazi lezinceku zakhe futhi aphindisele kwabamelene naye futhi abe nesihe ezweni lakhe nakubantu bakhe.
Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;
Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;
Igolide lenu nesiliva kugqwalile; nokugqwala kwazo kuyakuba ngufakazi ngani, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ngezinsuku zokugcina.
Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.
Uma umuntu ona komunye, umahluleli makamahlulele; kepha uma umuntu ona kuJehova, ngubani ongamlamulela na? Kodwa kabalilalelanga ilizwi lendoda, ngoba uJehova wayezababulala.