Khona-ke kumelwe ahlabe imbuzi yomnikelo wesono eqondene nabantu, alethe igazi layo evelini enze kulelo gazi njengoba enzile ngegazi lenkunzi, alifafaze phezu kwesihlalo somusa naphambi kwesihe isihlalo:
KumaHeberu 10:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngendlela entsha nephilayo asimisele yona, edabula isihenqo, okungukuthi, inyama yakhe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe, IsiZulu 2020 ngendlela entsha nephilayo asivulela yona, edabula isihenqo, okungukuthi umzimba wakhe, Baasraak Zulu New Testament Bible ngendlela entsha nephilayo asimisele yona, edabula isihenqo, okungukuthi, inyama yakhe; |
Khona-ke kumelwe ahlabe imbuzi yomnikelo wesono eqondene nabantu, alethe igazi layo evelini enze kulelo gazi njengoba enzile ngegazi lenkunzi, alifafaze phezu kwesihlalo somusa naphambi kwesihe isihlalo:
UJehova wayesethi kuMose: “Yisho u-Aroni umfowenu ukuthi angangeni njalo endlini engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo; funa afe, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.
Angeze angene kwesihenqo, angasondeli e-altare, ngokuba uyisilima; ukuze angazingcolisi izindawo zami ezingcwele, ngokuba mina, iNkosi, ngiyazingcwelisa.
Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;
Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.
Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo.
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Echithile ubutha enyameni yakhe, umthetho wemiyalo osezimisweni; ukuze enze kuye ngababili umuntu munye omusha, enze ukuthula;
Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.
ithemba esilalo njengehange lomphefumulo, liqinisekile, liqinile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo;
UMoya oNgcwele efakaza lokhu, ukuthi indlela eya endaweni engcwele yayingakabonakali, itabernakele lokuqala lisamile;
Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;
Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: Bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu uzile enyameni bangabakaNkulunkulu;
Ngokuba abakhohlisi abaningi bangenile ezweni, abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile enyameni. Lo ungumkhohlisi nomphikukristu.