Manje, bazalwane, ngiyaninikela kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, onamandla okulakha, nokuninika ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiwe.
KumaHeberu 10:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngomnikelo munye ubenze baphelela kuze kube phakade abangcwelisiweyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo. IsiZulu 2020 Ngokuba ngamnikelo munye nje, ubaphelelise unomphelo labo abangcwelisiweyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ngomnikelo munye ubenze baphelela kuze kube phakade abangcwelisiweyo. |
Manje, bazalwane, ngiyaninikela kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, onamandla okulakha, nokuninika ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiwe.
Emini enkulu, nkosi, ngisendleleni ngabona ukukhanya okuvela ezulwini okungaphezu kokukhanya kwelanga, kungikhanyisa nxazonke zami nababehamba nami.
ukuze ngibe yisikhonzi sikaJesu Kristu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu, ukuze umnikelo kwabezizwe wamukeleke, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.
kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababizelwe ukuba ngabangcwele, kanye nabo bonke ezindaweni zonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, eyabo neyethu;
Ngokuba umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo.
Kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono phakade, wahlala phansi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;
Ngakho-ke noJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.
Ngokuba umthetho awuphelelisanga lutho, kepha kwangeniswa ithemba elingcono; esisondela ngayo kuNkulunkulu.
Ngakho unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubakhulekela.
ababemi kuphela ekudleni lekuphuzweni, lokugezisa izinhlobonhlobo, lezimiso zenyama, ababekwe phezu kwabo kuze kufike isikhathi sokuguqulwa.
Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?
UJuda, inceku kaJesu Kristu, nomfowabo kaJakobe, kubo abangcwelisiwe nguNkulunkulu uBaba, nabalondolozwe kuJesu Kristu, nababiziweyo: