Esekubonile lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku; lapho ababebuthene khona abanengi bekhuleka.
KuFilemoni 1:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 oMarku, no-Aristarku, noDema, noLucas, izisebenzi kanye nami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE noMarku, no-Aristarku, noDema, noLuka, izisebenzi kanye nami. IsiZulu 2020 kanjalo noMakhu, u-Aristakhusi, uDema noLuka, esibambisene nabo emsebenzini. Baasraak Zulu New Testament Bible oMarku, no-Aristarku, noDema, noLucas, izisebenzi kanye nami. |
Esekubonile lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku; lapho ababebuthene khona abanengi bekhuleka.
OBarnaba noSawulu babuya eJerusalema sebeqedile inkonzo yabo, bahamba noJohane othiwa uMarku.
Kwathi uPawuli labakanye laye besuka ePafosi, bafika ePerga esePhamfiliya; kodwa uJohane wasuka kubo wabuyela eJerusalema.
Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma enkundleni yemidlalo nganhliziyonye babamba uGayu no-Aristarku abaseMakedoniya ababehamba noPawulu.
Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu, owawusizodabula ezindaweni zase-Asiya, sasuka; kwakukhona u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi.
Noma ngabe ubani obuza ngoThithu, ungumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kini; noma kubuzwa ngabazalwane bethu, bayizithunywa zamabandla nenkazimulo kaKristu.
Nokho ngibone kudingekile ukuba ngithume kini u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi kanye nesosha kanye nami, nesithunywa senu nesisebenzi ekusweleni kwami.
Ngiyakuncenga-ke nawe sithandwa sami esiqotho, ukuthi usize labo besifazane abashikashikeka kanye nami evangelini, kanye noKlemente, nezinye izisebenzi kanye nami, abamagama abo asencwadini yokuphila.
Uyakhonza kini u-Aristarku isiboshwa kanye nami, noMarku indodana kadadewabo kaBarnaba, enayalwa ngaye; uma efika kini mamukeleni;
Ibandla eliseBabiloni elikhethiweyo kanye nani liyakhonza kini; kanjalo noMarcus indodana yami.
Ngakho thina sifanele ukwamukela abanjalo, ukuze sibe abahlanganyeli eqinisweni.