Isithi: Ungesabi, Pawuli; umelwe ukumiswa phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukunikile bonke abahamba nawe ngomkhumbi.
KuFilemoni 1:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa phezu kwalokho ngilungisele indawo yokuhlala, ngoba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizaphiwa kini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Futhi-ke wongilungisela nami indawo; ngokuba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizakuphiwa nina. IsiZulu 2020 Okunye-ke ngilungiseleni indawo lapho ngizogogobala khona, ngoba ngiyethemba ukuthi ngenxa yemikhuleko yenu, ngizobuyiselwa kini. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa phezu kwalokho ngilungisele indawo yokuhlala, ngoba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizaphiwa kini. |
Isithi: Ungesabi, Pawuli; umelwe ukumiswa phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukunikile bonke abahamba nawe ngomkhumbi.
Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
Nani nisiza kanye nathi ngokusikhulekela, ukuze isipho esisiphiwe thina ngabantu abaningi sibongwe ngabaningi ngenxa yethu.
Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungiphendulela kube yinsindiso ngokukhuleka kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,
Kodwa ngiyalincenga kakhulu ukuthi lenze lokhu, ukuze ngibuyiselwe kini masinyane.
Yazini ukuthi umzalwane wethu uThimothewu ukhululiwe; okuthi uma efika masinyane, ngizakunibona naye.
Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.
Nginezinto eziningi zokunilobela zona, angithandi ukunilobela ngephepha noyinki, kodwa ngiyethemba ukuza kini, ngikhulume nani umlomo nomlomo, ukuze intokozo yethu igcwale.
Kodwa ngiyethemba ukuthi ngizakubona masinyane, sikhulume ubuso nobuso. Ukuthula makube kuwe. Abangane bethu bayakubingelela. Bingelela abangani ngamagama.