Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KuFilemoni 1:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kodwa ngaphandle kwakho kangiyikwenza lutho; ukuze inzuzo yakho ingabi njengengokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kepha angithandanga ukwenza utho ngaphandle kwemvume yakho, ukuze okuhle okwenzayo kungabi ngokuphoqwa, kodwa kube ngokuthanda kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kodwa ngaphandle kwakho kangiyikwenza lutho; ukuze inzuzo yakho ingabi njengengokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela.

Uka jalj uñjjattʼäta



KuFilemoni 1:14
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyazi futhi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo futhi ujabulela ubuqotho. Mina-ke, ngobuqotho benhliziyo yami nganikela ngokuzithandela zonke lezi zinto; manje ngibonile ngokuthokoza abantu bakho abakhona lapha, bevuma ukuhlabela kuwe.


Abantu bakho bayakuvuma ngosuku lwamandla akho, ebuhleni bobungcwele kwasesizalweni; unamazolo obusha bakho.


Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela, nginomvuzo;


Ngubani ophuma impi ngezindleko zakhe na? Ngubani otshala isivini, angadli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na?


Kungesikho ukuthi sibusa ukholo lwenu, kodwa singabasizi bentokozo yenu, ngoba nimi ngokukholwa.


Ngokuba uma kuqala kukhona ukuvuma, kwamukeleka ngokwalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.


Ngakho-ke ngibone kudingekile ukuba ngikhuthaze abazalwane, ukuba bandulele ukuza kini, futhi balungise ngaphambili isipho senu enasiphawula ngaphambili, sona sibe silungisiwe, sibe njengesibusiso, kungabi njengesokuhaha.


Yilowo nalowo makenze njengokunquma kwakhe enhliziyweni yakhe; kungabi ngokudabuka, noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda umuphi onamileyo.