Inkosi yabayala oJowabe no-Abishayi no-Ithayi, yathi: “Yibani mnene nensizwa ku-Abisalomu.” Bonke abantu bezwa lapho inkosi iyala zonke izikhulu ngo-Abisalomu.
KuFilemoni 1:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakuncenga ngendodana yami u-Onesimu, engiyizele ngiboshiwe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, u-Onesimu; IsiZulu 2020 Ngikuncenga ngomntanami u-Onesimu, engimzale njengoba ngiboshiwe. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyakuncenga ngendodana yami u-Onesimu, engiyizele ngiboshiwe; |
Inkosi yabayala oJowabe no-Abishayi no-Ithayi, yathi: “Yibani mnene nensizwa ku-Abisalomu.” Bonke abantu bezwa lapho inkosi iyala zonke izikhulu ngo-Abisalomu.
Omunye wesixuku waphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu;
Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.
Kangibhaleli lezizinto ukuze libe lenhloni, kodwa njengamadodana ami abathandekayo.
Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.
kanye no-Onesimu, umzalwane othembekileyo nothandekayo, ongowakini. Bayakunazisa konke okwenziwa lapha.
kuThimothewu, indodana yami uqobo ekukholweni: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu noKristu Jesu iNkosi yethu.
kuThithu, indodana yami uqobo ngokokholo esiluhlanganisile: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu uMsindisi wethu.
ebengingathanda ukumbamba mina, ukuze esikhundleni sakho angisebenzele ezibopho zevangeli;
Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.