Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KuFilemoni 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane, kuFilemoni othandekayo nesisebenzi kanye nathi,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UPawula, isiboshwa sikaKhristu uJesu noThimothewu umzalwane, kuFilemoni isithandwa nesisebenzi kanye nathi,

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane, kuFilemoni othandekayo nesisebenzi kanye nathi,

Uka jalj uñjjattʼäta



KuFilemoni 1:1
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki.


Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.


UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte kanye nabangcwele bonke abakulo lonke elase-Akhaya.


Ngokuba nina nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu Jesu.


Ngenxa yalokhu mina Pawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu bezizwe,


Ngakho-ke mina, siboshwa seNkosi, ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho;


engiyinxusa lazo eziboshweni, ukuze ngikhulume ngesibindi kulo, njengokuba ngifanele ukukhuluma.


UPawulu noThimothewu, izinceku zikaJesu Kristu, kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni;


Nokho ngibone kudingekile ukuba ngithume kini u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi kanye nesosha kanye nami, nesithunywa senu nesisebenzi ekusweleni kwami.


Ngiyakuncenga-ke nawe sithandwa sami esiqotho, ukuthi usize labo besifazane abashikashikeka kanye nami evangelini, kanye noKlemente, nezinye izisebenzi kanye nami, abamagama abo asencwadini yokuphila.


UPawuli, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane,


NoJesu othiwa uJustu, abangabokusoka. Yilaba kuphela abayizisebenzi kanye nami embusweni kaNkulunkulu, babe yinduduzo kimi.


sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu, nesisebenzi kanye nathi evangelini likaKristu, ukuze aniqinise, aniduduze ekukholweni kwenu;


UPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu:


Ngakho ungabi namahloni ngobufakazi beNkosi yethu, nangami isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela osizini lwevangeli ngokwamandla kaNkulunkulu;


Uyakhonza kuwe u-Ephafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu;


oMarku, no-Aristarku, noDema, noLucas, izisebenzi kanye nami.


Nokho ngenxa yothando kungcono ngikuncenge, mina enginjengoPawulu ixhegu, namanje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu.