Johane 9:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, wagcoba amehlo empumputhe ngodaka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka. IsiZulu 2020 Esekushilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza ngawo udaka, wayeseninda amehlo ayo ngalo, Baasraak Zulu New Testament Bible Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, wagcoba amehlo empumputhe ngodaka. |
Wamsusa esixukwini, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zakhe, wafela amathe, wathinta ulimi lwakhe;
Wayibamba ngesandla impumputhe, wayiyisa ngaphandle komuzi; wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla zakhe phezu kwayo, wayibuza ukuthi ibona utho yini.
Waphendula wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenze udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Hamba echibini laseSilowama, ugeze;’ ngahamba ngageza, ngabona.
Ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elicwengisiswe emlilweni, ukuze ucebe; nezingubo ezimhlophe, ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobunqunu bakho; nomuthi wamehlo uwugcobe amehlo akho, ukuze ubone.