Wathi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe nokubuyisela abalindi bakwa-Israyeli; ngizakukunika ube ngukukhanya kwabezizwe, ukuze ube yinsindiso yami. Ekupheleni komhlaba.
Johane 9:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngisekhona emhlabeni ngiwukukhanya kwezwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.” IsiZulu 2020 Ngisekhona ezweni, ngingukukhanya kwezwe.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngisekhona emhlabeni ngiwukukhanya kwezwe. |
Wathi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe nokubuyisela abalindi bakwa-Israyeli; ngizakukunika ube ngukukhanya kwabezizwe, ukuze ube yinsindiso yami. Ekupheleni komhlaba.
Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.
Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala.
Mina ngizile njengokukhanya emhlabeni, ukuze yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.
Ngokuba iNkosi yasiyala kanjalo, ithi: “Ngikubekile ukuba ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semikhawulweni yomhlaba.
Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.
ukuze uKristu ahlupheke, abe ngowokuqala ukuvuka kwabafileyo, amemezele ukukhanya kubantu nakwabezizwe.
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu.