Amadoda ayesemnyango wendlu ashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, akhathala ngokuthola umnyango.
Johane 8:59 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base bedobha amatshe ukuba bamjikijele, kepha uJesu wacasha, waphuma ethempelini, edabula phakathi kwabo, wadlula kanjalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini. IsiZulu 2020 Base becosha amatshe ukuze bamkhande ngawo, kodwa uJesu wafihlakala kubo, waphuma ethempelini. Baasraak Zulu New Testament Bible Base bedobha amatshe ukuba bamjikijele, kepha uJesu wacasha, waphuma ethempelini, edabula phakathi kwabo, wadlula kanjalo. |
Amadoda ayesemnyango wendlu ashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, akhathala ngokuthola umnyango.
Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, inhlangano yonke imkhande ngamatshe; kokubili umfokazi nowokuzalwa ezweni, lapho ehlambalaza iGama leNkosi, uyabulawa.
Ngakho uJesu akabange esahamba obala phakathi kwabaJuda; kepha wamuka lapho, waya ezweni eliseduze nehlane emzini othiwa i-Efrayimi, wahlala khona nabafundi bakhe.
Abafundi bakhe bathi kuye: Rabi, abaJuda sebefuna ukukukhanda ngamatshe; futhi uya khona futhi?
Nisenokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya. UJesu wakhuluma lokho, wamuka, wacasha kubo.
UPilatu wayesethi kubo: “Mthatheni nina, nimahlulele ngomthetho wakini. Ngakho amaJuda athi kuye: Kakuvunyelwa kithi ukuthi sibulale umuntu.
Owaphulukisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayesesukile, kukhona isixuku kuleyo ndawo.
Basebememeza ngelizwi elikhulu, bavala izindlebe zabo, bagijimela kuye nganhliziyonye.
UDavide wacindezeleka kakhulu; ngoba abantu babekhuluma ukumkhanda ngamatshe, ngoba imiphefumulo yabantu bonke yayinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa ngoJehova uNkulunkulu wakhe.