Base bephendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle ukuthi wena ungumSamariya nokuthi unedemoni na?
Baphendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle yini ukuthi ungumSamariya nokuthi unedemoni na?”
AbaJuda baphendula, bathi kuye: “Asikhulumi lona yini iqiniso uma sithi ungumSamariya futhi unedimoni na?”
Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli, noNgcwele wakhe, kuye odelela umuntu, kuye isizwe esimenyanyayo, encekwini yezikhulu: Amakhosi ayakubona lokhu, asukume, nezikhulu zikhuleke ngenxa yalokho. KaJehova othembekileyo noNgcwele ka-Israyeli, uyakunikhetha.
Udelelekile, waliwa ngabantu; umuntu wosizi nojwayelene nosizi; futhi samfihlela ubuso bethu njengokungathi; wayedelelekile, futhi asizange simhloniphe.
Kumanele umfundi ukuthi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu kangakanani abendlu yakhe?
Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi endleleni yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;
Ngokuba uJohane wafika engadli, engaphuzi, bathi: ‘Unedemoni.’
Kodwa abaFarisi bekuzwa bathi: Lo kakhiphi amadimoni, kuphela ngoBelezebule umbusi wamadimoni.
Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.
Bazenzisi, waprofetha kahle ngani uIsaya, ethi:
Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?
Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlaleleni na?
Ningibiza ngokuthi, Mfundisi, neNkosi; ngoba nginjalo.
Owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Kungani wena ungumJuda ucela ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na? ngoba amaJuda kawadlelani lamaSamariya.
Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena;
Base bethi abaJuda: “Kanti uzakuzibulala na? ngokuba uthi: Lapho ngiya khona, ningeze nina.
Base bethi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni. U-Abrahama ufile, nabaprofethi; wena-ke uthi: Uba umuntu egcina ilizwi lami, kasoze ezwe ukufa laphakade.
Ngokuba noKristu akazithokozisanga yena; kodwa, njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.
Ngakho-ke masiphumele kuye ngaphandle kwekamu, sithwele ihlazo lakhe.
Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye; wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.