Abaningi bayakuhlanjululwa, benziwe mhlophe, bacwengisiswe; kepha ababi bayakwenza okubi; futhi akukho noyedwa omubi oyoqonda; kepha abahlakaniphileyo bayakuqonda.
Johane 8:47 - Contemporary Zulu Bible 2024 OngokaNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu; ngalokho aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE OngokaNkulunkulu uzwa amazwi kaNkulunkulu; kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.” IsiZulu 2020 Ovela kuNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu, ngakho-ke nina aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.” Baasraak Zulu New Testament Bible OngokaNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu; ngalokho aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu. |
Abaningi bayakuhlanjululwa, benziwe mhlophe, bacwengisiswe; kepha ababi bayakwenza okubi; futhi akukho noyedwa omubi oyoqonda; kepha abahlakaniphileyo bayakuqonda.
UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu, abezwayo bayakuphila.
Wasesithi: Kungakho ngithe kini: Kakho ongeza kimi, ngaphandle kokuthi ukuphiwe nguBaba.
Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kodwa nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami alinandawo kini.
Ngalokhu babonakaliswa abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane: yilowo nalowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.
Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, nalowo othanda ozalayo uyamthanda nalowo ozelwe nguye.
Lowo oweqayo, njalo engahlali emfundisweni kaKristu, kalaNkulunkulu; Lowo ohlala emfundisweni kaKristu unabo bobabili uYise neNdodana.
Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.