Johane 8:43 - Contemporary Zulu Bible 2024 Aniqondi ngani ukukhuluma kwami na? ngoba anikwazi ukuzwa izwi lami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami. IsiZulu 2020 Kwenziwa yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Yingokuba anifuni ukuzwa izwi lami. Baasraak Zulu New Testament Bible Aniqondi ngani ukukhuluma kwami na? ngoba anikwazi ukuzwa izwi lami. |
Kabazanga futhi kabaqedisisa, ngoba wayevale amehlo abo ukuze bangaboni; nezinhliziyo zabo, ukuze bangakwazi ukuqonda.
Wathi: “Hamba, uthi kulaba bantu: ‘Yizwani nokuzwa, kepha ningaqondi; niyabona, kepha aniboni.
Ngizokhuluma nobani ngibaxwayise ukuze bezwe? bheka, izindlebe zabo azisokile, futhi abezwa; bheka, izwi likaJehova liyihlazo kubo; kabathokozi ngakho.
Ngubani ohlakaniphileyo, aqonde lezi zinto? ohlakaniphileyo, futhi uyobazi? ngokuba izindlela zikaJehova zilungile, abalungileyo bahamba kuzo; kepha abaphambukayo bayakuwela kukho.
Kodwa abayazi imicabango kaJehova futhi abaqondi iseluleko sakhe, ngoba uyobabutha njengezithungu esibuyeni.
Ngoba inhliziyo yalababantu seyaba lukhuni, lendlebe zabo bezwa buthuntu, lamehlo abo bawacimezile; funa noma nini babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu, abezwayo bayakuphila.
Mina ngize egameni likaBaba, kepha aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyamamukela yena.
Ngakho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongakuzwa na?
Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.
Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama, asizange sibe yizigqila zamuntu; usho kanjani ukuthi: Niyakukhululwa na?
Baphendula, bathi kuye: Ubaba wethu uAbrahama. UJesu wathi kubo: Uma ningabantwana baka-Abrahama, benizokwenza imisebenzi ka-Abrahama.
Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele;